Ngalomsindo Wesando Khalemasikweni Azibuye Emasisweni

Ngalomsindo Wesando Khalemasikweni Azibuye Emasisweni Ngikhuthaza umzulu ngokuthi enakekele ethande evikele eqhakambise amasiko akhe bese eyigcina imvelap

Sihamba emhlabeni esiwubange uluka uhlal' ulunywa unwaya ngathi amankanka uyasidla uyasihlephula uyasiminza.Kuseyiwo umh...
07/10/2024

Sihamba emhlabeni esiwubange uluka uhlal' ulunywa unwaya ngathi amankanka uyasidla uyasihlephula uyasiminza.
Kuseyiwo umhlabathi esiwunyathelayo kodwa lo okuthi uma sesihambe kuwo sisale sinjena.
Izinto ezisibambile empilweni ziyasiququda asiboni, sizobona mhla iso selicwayiza sakucima
Nanku umhlaba ubuyisa izinduku esawushaya ngazo mhla singabantu siyalwa sitshelwa ukuthi umhlab'unzima satetemuka manje sesibona ngomopho.
Nami ngimi la ngizibuka amanxeba ami
Nalo ophambi kwalombhalo naye unamanxeba akhe.
Sonke sizothi umhlaba uma sesiphika umacala esawaqala thina ngoba sesingasazithandi ngenxa yendlela esesibukeka ngayo.

30/09/2024

Uma ingakuxolela isengabuya.
Kepha uma yazixolela yona ngeke isabuya.
Kunzima ukubuyisa umuntu owakwala esezixolelile
Ngoba usuke esezibone bonke ubulima bakhe.

Ngabe kuyezwakala ukube uthi usakuthanda asikukhulumele naye
Manje uthi leyangane ibikuthanda wadlala ngayo asikukhulumele nayo.
Uqinisile yayikuthanda sekungokudlulile isakhuluma nawe uthulile
Usufuna ukukhuluma nayo ngoba isithule vel' uthule
Kunzima ukukhulumela umuntu ongenazo izenzo ezimkhulumelayo nazo.
Ukubuya kwakho ikubone phamb' kwamehlo ayo kuyafana nokuzixikixa ngopelepele emehlweni
Asikulahli thina nguwe owazilahla kudala wakhetha ukufukamela okuthandayo yaze yadela inhliziyo yayo.
Ihambe ihambile ongayenza ibuye kuwe yiyo.
Uma ingakuxolela isengabuya.
Kepha uma yazixolela yona ngeke isabuya
Kunzima ukubuyisa umuntu owakwala esezixolelile
Ngoba usuke esizibone bonke ubulima bakhe.

07/09/2024

Bekungaba kuhle ukuth kube abesifazane bodwa abavunyelwa ukuthi besidayisele inkomo
Ngoba abesilisa bayabiza bona uma sebenazo babesebekhohlwa ukuthi besikhala nabo bengakabi nazo.

29/08/2024

Kubuhlungu ukuthanda umuntu ngeqiniso othandana ngokweqiniso nezenzo zakhe ezimbi.
Ngoba ungancamela ukuhlukana nawe ukunokuhlukana nazo.

24/08/2024

Inkinga iqala uma esekushiya bese endleleni ebuyayo ungasazifici wena la owazishiya khona mhla ulandela ubuyena.
Yenza isiqiniseko sokuthi uma esehamba ehanjiswa ukuzazi ukuthi usefuna ini.
Kube ukuthi nawe uyazithola ukuthi ungubani ungagcini ungasakwazi ukuphila ngaphandle kwakhe ekubeni wena usekhona.
Ingaphakathi lakho aliphile noma befa bephila abantu empilweni yakho usale wena uphile impilo okuyiyo ebizwa ngempilo.

12/06/2024

Uthando olungumlilo wamaphepha ilolu angashawa kulo amaphepha.
Khokha uthando lwesimanje manje luyondliwa awumus' ukudlala kancane ingom' ivuma
Iphakethe uma livuza yeka ukuthanda ngoba abesifazane banokuningi abakuthandayo.
Ungavimbi amadoda angenalo itwetwe emalini
Ulokhu ume kulayini kanti awuz' ukukhokha.
Shaya amaphepha nothando lwakho ngeke l**e umlilo wamaphepha luzophepha

03/06/2024

Iqatha elilodwa lenkukhu nikwazi ukuqeda ngalo ukudla okugcwele ipuleti
Kepha ngemali encane eniyitholayo niyahluleka ukufeza izidingo zenu kancane kancane njengeqatha uma nilihlephula niqhubeka nokudla.
Impilo sengizonifundisa ngokudla ngoba niyahluleka ukuyifunda ngamaphutha.

24/05/2024

Okubalulekile empilweni inamuhla njengoba izolo lethu lisitshelile ukuthi lizofika.
Asivuke siyicinge lenyamazane ebalek' iziphule uma isibona le ebizwa ngempumelelo
Ngeke siyibambe silele,ngeke siyithole sihlezi ekhoneni.
Asivuke ukuze uma ivuka siyibambe sivuke sibe nakho ebesikade singanakho izolo.

Address

Mtubatuba

Opening Hours

Monday 09:30 - 21:00
Sunday 09:00 - 21:00

Telephone

+27790650869

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ngalomsindo Wesando Khalemasikweni Azibuye Emasisweni posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share