19/06/2026
Umdlali weqembu lase Germany iWerder Bremen uVictor Boniface uthi ngenkathi esadlala ezweni lase Norway ubeboleka imali eqenjini njalo ngo December uma efuna ukugoduka eye ekhaya eNigeria. Lomdlali wasayinwa yiqembu lase Norway i-FC Bodo/Glimt ngo March 2019 lapho adlala khona imidlalo engu 66 washaya ama goals angu 23 ngaphambi kokuthi adlulele eBelgium ngo 2022 ku Union Saint-Gilloise. UBoniface uthi yena ubezama ukubeka imali kodwa kushaye December ingahlangani bese kuphoqeleka ukuthi aboleke eqenjini umholo wakhe wezinyanga ezimbili iqembu bese libuye liyibamba leyomali ngokuhamba kwesikhathi.